Johannesburg - Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseVryburg ngoMsombuluko abantu abathathu ababanjwe namakhebuli okusolakala ukuthi ebiwe, kusho amaphoyisa aseNorth West.
Lesi sigejana siboshwe ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwe ngabaphenyi abebeqashwe ngu-Eskom, kusho uCaptain Pelonomi Makau ngoMgqibelo.
"Abaphenyi abaqashwe ngu-Eskom bebebheka la makhebuli kanti bazozithela emadodeni amathathu ephethe amakhebuli angu-450 metres ubude,” kusho uMakau.
Kubizwe amaphoyisa laba base begaxwa ozankosi babekwa icala lokutholakala namakhebuli ebiwe kanye nawokweba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.