Durban - Amaphoyisa aKwaMashu abophe abantu abangu-12 abasolwa ngokubulala uJabulani Nkunzikayibekwa Nxumalo nokucekela phansi impahla.
Ngomhlaka-19 Julayi, phakathi kwamabili uNxumalo, 38, wayelele emjondolo wakhe oseQhakaza ngasehostela, ngesikhathi engenelwa yiqulu labantu limkhipha endlini lase liyamshhaya limsola ngokuthakatha.
"Wabe esegaxwa amathayi umzimba wonke wokhelwa ngomlilo washonela endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe 3 ngelokubulala 'umthakathi'
"Kulesi sehlakalo kwashiswa ngisho nemoto yakhe eyayisegcekeni," kusho owamaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
Kulandela uphenyo olunzulu, kube sekuboshwa abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-18 no-30 ubudala okulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kungekudala.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni usigxekile lesi sigameko sokubulala ngesihluku wase eshayela amaphoyisa ihlombe ngokwenza umsebenzi oncomekayo.