Johannesburg – Kugwetshwe abathathu ngelokuqhumisa ama-ATM eNkantolo eNkulu yaseMadadeni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.
Bobathathu bagwetshwe inimyaka engu-22 umuntu ngamunye ebhadla ejele.
"Laba bobathathu bagwetshwe ngomhlaka-17 Septhemba ngokusebenzisa kanye nokutholakala neziqhumane, ukugqekeza kanye nokulimaza impahla," kusho iphoyisa uCaptain Thulani Zwane.
UGcinaphi Mnguni, 27, uMaqhawe Nzimande,38, noSakhiwe Khumalo,38, benza lamacala phakathi kuka-2010 no-2011 ezindaweni zaseMzinto, eXopo, eHighflats naseNgwavuma.
OLUNYE UDABA: Kubanjwe abaqhumisa ama-ATM eKZN
Abanye abasolwa abahlanu abangakaboshwa basazobhekana namacala afanayo nalawa.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uLt-Gen Mmamonnye Ngobeni, uzwakalise ukujabula ngesigwebo abasinikiwe.
"Siyethemba lesi sigwebo sizoba yisexwayiso nakwezinye izigebengu ezisacabanga ukwenza ubugebengu," usho njalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho