Durban – Kwenzeke okungajwayelekile ngesikhathi izigebengu ziyobamba inkunzi kwenye yezindawo okubhejelwa kuyona amahhashi eChatsworth ngasesiteshini samaphoyisa ngoLwesithathu.
Kulesi sehlakalo kugcine kushone isigebengu esisodwa kwathi ezinye ezimbili zona zaboshwa.
Obezimele eceleni udubuleke ebusweni kwazi izisebenzi kanye nalabo ebebezobheja bona basala bethuthumela.
Funda nalolu daba: 'Ufele isikhundla sakhe uthishanhloko waseKZN'
Lesi sehlakalo senzeke ngezithuba zabo-12.30 emini.
Okhulumela amaphoyisa, uMajor Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sehlakalo, wathi kushone isigebengu esineminyaka engu-25 ubudala kwathi ezinye ezimbili zona zaboshwa.
“Amapoyisa athole izibhamu ezintathu kanye nesamba semali zingadalulwanga kubasolwa. Amaphoyisa awalimalanga kulesi sehlakalo.” kusho uZwane, kubika iDaily News.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.