Johannesburg - Sekuboshwe indoda emtholampilo waseHillbrow eGoli ngokudubula ilimaze indoda iphinde idune imoto yayo, kusho amaphoyisa esifundazwe saseGauteng ngoLwesithathu.
Laba basolwa, omunye oneminyaka engu-30 ubudala nomunye badubule kanye oneminyaka engu-29 ubudala isingenhla sakhe bathatha itekisi yakhe ewuhlobo lweToyota Quantum eNewtown ngoLwesibili, kusho uWarrant Officer Xoli Mbele.
Umshayeli ubelinde kuvulwe irobhothi ekhoneni lomgwaqo uQueen Elizabeth kanye noCarr Street ngaleso sikhathi.
Omunye wabashayeli bamatekisi ube esephuthumisa le ndoda emtholampilo waseHillbrow.
Ngesikhathi belindile emtholampilo, lo ube esebona umhlaseli wakhe elashwa ngenxa yokulimala engalweni, kube sekuthintwa amaphoyisa wabe eseboshwa.
Isisulu sona esineminyaka engu-29 ubudala silulama kahle.
Itekisi yakhe itholakele khona eHillbrow njengoba ibinobuchwepheshe bohlobo lwe-tracker.
Omunye umsolwa usagcwele amathafa.
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho