Johannesburg – Ilale ibaliwe indoda yaseButterworth esifundazweni sase-Eastern Cape, esolwa ngokugwaza ibulale enye, kusho amaphoyisa esifundazweni.
Kukholakala ukuthi kuqubuke ingxabano phakathi kukamufi nomsolwa, ngesikhathi bephuza esigodini saseMantunzeleni, kusho uCaptain Jackson Manatha,ethi isehlakalo senzeke ngoLwesihlanu.
Kuboshwe indoda eneminyaka engu-20 ubudala, ibekwe icala lokubulala, kuchaza uManatha.
Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo kaMantshi waseNgqamakhwe, ngoMsombuluko.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.