Cape Town – Amaphoyisa abophe owesifazane, 35, eTubelitsha ngezinsolo zokungazinakekeli izingane zakhe ezintathu, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
Umakhelwane nguye obikele amaphoyisa ngokuthi umsolwa washiya izingane izinsuku ezine eyophuza, zilambile, zingcolile futhi zinuka mfo umchamo.
Lezi zingane zineminyaka engu-9, emibili nowodwa ubudala.
“Zithathwe uMnyango wezeNhlalakahle waziyisa endaweni ephephile. Umama ufikile ezobheka izingane enuka phu utshwala wase eyaboshwa,” kusho owamaphoyisa uCaptain FC Van Wyk.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe oshiye izingane emotweni
“Ubhekene necala lokungazinakekeli izingane,” esho.
Lo mama uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngoLwesine.
UBrigadier Hendrik Jansen, ongumkhuzi wesiteshi, uxwayise abazali ukuthi baziphathe kahle uma bekhulisa izingane, wathi bazothathelwa izinyathelo abangazinaki.