Nelspruit – Ukhalelwe ngamasongo kasSigonyela owesifazane owalaxaza ingane ngokuyishutheka emashalofini ngaphakathi esitolo enxanxatheleni yezitolo iThulamahashe, eMpumalanga.
Ngokubika kweDaily Sun lona wesifazane oneminyaka engu-27 ubudala waseKumani ngaphandle kwaseThulamahashe walaxaza le ngane esitolo ngomhlaka 6 ku-Ephreli kanti uze waboshwa ngoMsombuluko.
Kubikwa ukuthi uboshwe ngemuva kokuba amalungu omphakathi emuphenye ngemibuzo mayelana nokuthi ikuphi ingane kwazise bekwaziwa ukuthi uke wakhulelwa kodwa ingane ibingasabonwa kuyena.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owasenkulisa owenzisa izingane ucansi
Ngesikhathi ebuzwa kubikwa ukuthi wahluleka ukuqhamuka nempendulo eqondile amalungu omphakathi abe esebikela amaphoyisa zabe sezimkhalela kanjalo.
Le ngane eyatholakala sekuzovalwa esitolo yahanjiswa esibhedlela esiseduzane ukuze ithole ukunakekelwa.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nelson Khoza uthe lona wesifazane uzobhekana necala lokulaxaza ingane.
Ngesikhathi ephenywa ngemibuzo kutholakale ukuthi unazo ezinye izingane ezintathu kanti waphendula ngokuthi walaxaza le ngane ngoba engasebenzi futhi engeke akwazi ukuyinakekela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho