Share

Zimkhalele owesifazane owalaxaza ingane esitolo

Nelspruit – Ukhalelwe ngamasongo kasSigonyela owesifazane owalaxaza ingane ngokuyishutheka emashalofini ngaphakathi esitolo enxanxatheleni yezitolo iThulamahashe, eMpumalanga.

Ngokubika kweDaily Sun lona wesifazane oneminyaka engu-27 ubudala waseKumani ngaphandle kwaseThulamahashe walaxaza le ngane esitolo ngomhlaka 6 ku-Ephreli kanti uze waboshwa ngoMsombuluko.

Kubikwa ukuthi uboshwe ngemuva kokuba amalungu omphakathi emuphenye ngemibuzo mayelana nokuthi ikuphi ingane kwazise bekwaziwa ukuthi uke wakhulelwa kodwa ingane ibingasabonwa kuyena.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owasenkulisa owenzisa izingane ucansi

Ngesikhathi ebuzwa kubikwa ukuthi wahluleka ukuqhamuka nempendulo eqondile amalungu omphakathi abe esebikela amaphoyisa zabe sezimkhalela kanjalo.

Le ngane eyatholakala sekuzovalwa esitolo yahanjiswa esibhedlela esiseduzane ukuze ithole ukunakekelwa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nelson Khoza uthe lona wesifazane uzobhekana necala lokulaxaza ingane.  

Ngesikhathi ephenywa ngemibuzo kutholakale ukuthi unazo ezinye izingane ezintathu kanti waphendula ngokuthi walaxaza le ngane ngoba engasebenzi futhi engeke akwazi ukuyinakekela.

          - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

               - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 489 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 518 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE