Johannesburg - Sishubile isimi emijondolo yasePrincess njengoba ababhikishi bahlasela izimoto namabhasi.
NgoLwesithathu emini amaphoyisa omgwaqo eGoli akhiphe isexwayiso kubashayeli ukuba bagweme ukuhamba ngakule ndawo.
Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwebhasi lakwa-Metro emini.
Ngokusho kukaChief Superintendent Wayne Minnaar okhumulela amaphoyisa kaMasipala, ababhikishi baphonse ibhomu likaphethiloli ebhasini.
OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN
"Laba babhikishi bakhala ngokuthi la mafulethi akhiwe kule ndawo awakhelwanga bona," kusho yena.
Uqhubeke wathi ababhikishi bavale imigwaqo u-Albertina Sisulu, Wilger kanye noCruiser.
Kutshalwe amaphoyisa ukuba aqaphe isimo kule ndawo.