Durban - Akukho ukungabaza ukuthi bayathuthuka abaculi bakaMaskandi kuzo zonke izinhlaka.
Ekuqaleni konyaka kwakunconywa kubatshazwa uMthandeni iGcokama Elisha ngesikhathi ejoyina inkampani i-GA Creative Brands njengenxusa le-Cutty.
Kulokhu uMthandeni akagcini ngokukhangisa imfashini yalesi sitolo kodwa uneyakhe ngqo ingqephu ayisikayo.
Le nkampani isanda kumemezela omunye umculi kaMaskandi oseyinxusa labo. UKhuzani Indlamlenze Mpungose uzokhangisa ingqephu yesitolo uJonathan D.
OLUNYE UDABA:'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi kanjalo namaqembu epolitiki'
Yize kunjalo, baningi abaculi bakaMaskandi ananconywa kakhulu ngokudla ukotini.
Naba abaculi abahlanu abangaconsi phansi ngokudla indwangu.
Ngiyabonga kubona bonke abafwethu abangisizayo estage
— Igcokama Elisha (@Mthandeni_SA) June 25, 2017
Uma ngicela niyongilekelela noma nikude kodwa niyafika
God bless pic.twitter.com/o6HSu7JqT7
Kunjalo nje ukotini nengezo kuyahambisana awushaye ngizwe pic.twitter.com/iINEWr52VG
— @umdumazi (@mdumazi01gmail1) September 22, 2016