Cape town - Umholi we-EFF uJulius Malema uthi abafundi bazolokhu bethukuthele kuze kube bathola imfundo yamahhala.
UMalema ubekhuluma ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan ethule isabelomali samaphakathi nonyaka ngoLwesithathu.
“Abadiniwe yinto engekho, bathenjiswa imfundo yamahha ngo-1994, i-ANC iyasikweleta lesi sizukulwane imfundo yamahhala.”
UMalema ukuphikile ukuthi iqembu lakhe yilona eligqugquzela imibhikisho.
Funda nalolu daba: UMalema ubaleke nemali yestokofela
Uthe kumele sihlukane nokuhlale sisola abanye abantu ngezinkinga noma ngokwehluleka kwethu.
Uqhube wathi i-ANC kumele iqhubeke nokubamba izingxoxo nokufuna imali.
“Ngeke iphele (imibhikisho), izoqhubeka minyaka yonke kuze kube iyatholakala imfundo yamahhala.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.