Johannesburg - Umama wezelamani ezibhekene namacala okubulala uvele phambi kwemantshi nomngani wakhe ngecala lokukhwabanisa, kubika iKrugersdorp News.
Lo mama kanye nomngani wakhe bavele ngoMsombuluko enkantolo ngecala lowesilisa okwakuthiwa washona kodwa kwasekuvela ukuthi akunjalo.
Kuthiwa kwakuyitulo lokuthi bathole imalo yomshwalense yempilo yakhe eyizigidi ezingu-R3.6 miliyoni.
OLUNYE UDABA:Zibhekene nelokubulala izelamani eLadysmith
Kusenjalo amadodana amabili alo mama asezitokisini ngamacala okubulala izakhamuzi ezintathu zaseKrugersdorp ngenyanga kaMeyi.