Cape Town – Amaphoyisa abamba izimoto zohlobo lwe-Land Rover Defenders zango-2016 zenani lika-R3 miliyoni endaweni yokugcina impahla ePaarden Eiland,eKapa.
Lokhu kulandela uphenyo ngempahla eshushumbiswa ngokungemthetho.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni FC van Wyk uthe: “ Kwakhishwa izincwadi ezingekho emthethweni zalezi zimoto eGoli kodwa zona zibe zigcinwe eKapa.”
Lezi zimoto bezilibangise eMalaysia kanye nase-UK, uphenyo lusaqhubeka.
OLUNYE UDABA:Kubuyiselwa emuva izimoto zakwaToyota
UNorman Lamprecht, ongumphathi omkhulu we-National Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), uthe imboni yezimoto iyona mboni enkulu kakhulu kuleli.
ULamprecht uthi ziningi izimoto ezingeniswa kanye nezikhishwa kuleli ngokungemthetho nokuyinto eyikhubaza kakhulu le mboni, kubika iCape Argus.