Ladysmith - Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala wadutshulwa oshayasibhamu kulwa osomatekisi eMnambithi.
Amaphoyisa aseveze ukuthi igama lalo wesilisa uDelani Siphesihle Mabizela.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesimame kungqubuzana abamatekisi eZakheni
Lesi sigameko sokudutshulwa kukaDelani senzeka ngoLwesibili eZakheni. Kuthiwa uDelani kanye nomunye abehamba naye bahlaselwe behamba ngemoto.
Oshayasibhamu bebezifihle ehlathini bebalinde khona. Amaphoyisa athi lesi sehlakalo sihambisana nempi yamatekisi kule ndawo, kubika iLadysmith Gazette.