Johannesburg – Amaphoyisa aseLimpopo athi athungatha abasolwa abane abasolwa ngokudubula umshayeli webhasi babamba inkunzi abagibeli, babaphuca imali, izicathulo kanye namaselula.
Kukholakala ukuthi abasolwa bavimbe ibhasi ku-N1 ngezithuba zabo-22:30 ngoLwesihlanu.
Iziphathimandla zithi ngemuva kokudubula umshayeli emlenzeni, bamyalele ukuba aqhubeke nokuhamba angene ngomgwaqo ongenela eBela Bela, nokuyilapho bemphuce khona izinto zakhe bagwaza nomgibeli oyedwa engalweni.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokushisa amahhovisi omseshi
Okhulumela amaphoyisa uMotlafela Mojapelo uthi abagibeli bebesuka eGoli belibhekise eMoria.
UMojapelo uthi abasolwa babaleke ngeveni elimhlophe kanti abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.
“Onolwazi kucelwa ukuba axhumane namaphoyosa aseduzane.”