Johannesburg - U-Anti wephoyisa elasinda kudutshulwana emgwaqeni u-N3 lapho okwabulawa khona ozakwabo ababili ucele amaphoyisa ukuba akhulume kuzwakale.
"Lwelani amalungelo enu ngoba lezi zigebengu zinamalungelo okudlula nina," kusho u-Ellen Baloyi.
UBaloyi ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo samaphoyisa amabili, uConstable Maisha Mafokoane noMthokozisi Myeza, endaweni yaseLombardy.
UBaloyi uphinde wathi uhulumeni ufake imithetho evikela izigebengu kunamaphoyisa, aokumele avikeli izakhamuzi.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa amaphoyisa amathathu eGoli
Ube esecela ukuba bathathe usuku bahambise izikhalo zabo kuhulumeni.
Isiphakamiso sakhe sibe sesihalaliselwa abebe hambele le nkonzo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho