Johannesburg – Isiphakamiso sokungathenjwa kobuholi bukaNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura asiphumelelanga ngesikhathi kuhleli isiShayamthetho ngoLwesibili.
I-ANC, enamalungu amaningi esiShayamthetho, isichithile lesi siphakamiso ngesikhathi kuvotwa.
I-ANC ibitholene phezulu ne-EFF kanye neDA empikiswaneni edonse isikhathi esingangehora.
Isiphakamiso sifakwe yi-EFF. Leli qembu belifuna uMakhura ‘ajeze’ ngokushona kweziguli eziphazamiseke ngokomqondo ezingaphezu kwezingu-100.
OLUNYE UDABA: I-DA ithi uNdunankulu kumele asule ngokushona kweziguli
Ilungu le-ANC esiShayamthetho uNandi Mayathula-Khoza uthe isiphakamiso siyiphathe kabi imindeni yezisulu, njengoba isibona njengemizamo yokuthola amaphuzu ezepolitiki.
"Imindeni isitshele ukuthi asihlukane nokukhuluma ngalolu daba lwaseLife Esidimeni."
Uthe imindeni ibatshele ukuthi udaba lokushona kweziguli alungenziwa umdlalo wezepolikiti.