Dundee – NgoMgqibelo amaphoyisa ophiko lobuchwepheshe bobugebengu eDundee abophe izigebengu ezine ezingamaqola, kubika i-African News Agency
Laba basolwa baboshelwe ukukhwabanisa ngamagama abantu, kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala.
OLUNYE UDABA:Kudubuleke owesimame imigulukudu izama ukuphanga
Laba basolwa baboshelwe edolobheni laseDundee ngemuba kokuthi bathenge omakhalekhukhwini abasha bezinkontileka ngamaphepha angekho emthethweni.
Uphonyo olunzulu lubonisa ukuthi laba kudala beqhuba ubugebengu emadolobheni aseGlencoe, eDundee naseNewcastle.