Share

Baboshiwe abafundi abashaye othisha ngendle nangomchamo ePMB

Pietermaritzburg - Amaphoyisa abophe abafundi abangu-34 abafunda esikoleni samabanga aphakeme eMgungundlovu.

Kuthiwa laba bafundi bebeshaya othisha ngamatshe, umchamo ofakwe kumakhondomu, uthuvi kanye namaqanda ngesikhathi kugujwa usuku lokugcina befunda.

Lokhu kwenzeke esikoleni i-Eastwood High School kanti kulimale impahla yalesi sikole kanye nezimoto. Uyedwa nomfuni ophuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala kunalesi siphithiphithi.

OLUNYE UDABA: Ubulewe owayejikijela indle kubhikishelwa amanzi nokuthuthwa kwendle

I-The Witness ngoLwesine ibike ukuthi bangu-18 abafundi ababoshiwe, babekwa amacala okudala udlame emphakathini kanti bazogqunywa esitokosini njengoba behlulekile ukuthola ibheyili eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

"Ukushayana ngamakhondomu afakwe amaqanda kanye namanzi yinto eyenzeka minyaka yonke uma abafundi bethokozela usuku lokugcina lokufunda," kusho umama womfundi kamatikuletsheni oboshiwe.

Lo mama uthi isimo sibhebhetheke saba sibi ngesikhathi abafundi besazithokozisa ngoLwesibili.

Abafundi ababoshiwe baseminyakeni yobudala ephakathi kuka-14 no-20.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 27 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 735 votes
Sometimes - it depends on the film release
32% - 354 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE