Durban – U-Alex Thabethe, 65, waseNquthu, enyakatho neKwaZulu-Natal uthi wabhalisela indlu yomxhaso ngo-2007 kodwa kuze kube yimanje akakayitholi.
UThabethe uthi bambondelene emjondolo oyigumbi elilodwa nomndeni wakhe, okuyizingane ezingu-10 nonkosikazi wakhe.
Uthi uma efuna ukwenza inkonzo yasekamelweni uyaphoqeleka ukuthi athume indodakazi yakhe encane esitolo.
Lo mndeni uthi ukhulekela ukuthi kube noMsamariya olungileyo ongabaxhasa ngendlu enamakamelo amabili.
OLUNYE UDABA: Bathola usizo abebehlaselwe yisichotho e-E Cape
Izingane zalezi zithandani ziphakathi kweminyaka emithathu no-18 ubudala.
“Kunzima ukulala njengoba sibaningi kangaka. Uma kunetha indlu iyavuza. Siphila ngemali yesibonelelo sezingane njengoba mina nomkami singasebenzi,” esho.
Unkosikazi kaThabethe, uNomathemba, 47, uthi uma bengathola indlu kungasiza kakhulu ekutheni bakwazi ukuzithokozisa nobaba ngaphandle kwesiphazamiso.
Okhulumela uMasipala waseMzinyathi, uBongani Khambule, uthe uzocela izikhulu ukuba zilekelele lo mndeni.