Durban - Kugcine kubanele ababili abadutshulwe endaweni yokuqeda ukoma eChesterville ngezintatha zangeSonto.
UKaputeni Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa akwaZulu-Natal utshele abeSolezwe ukuthi agcine eshonile amadoda amabili adutshulwe kwaMashamplan eChesterville.
Oyedwa naye odutshulwe kulesi sigameko usesimweni esibucayi kakhulu esibhedlela.
Okwamanje ayaziwa imbangela yalesi sehlakalo njengoba amaphoyisa aseCator Manor asaphenya.
"Asazi ukuthi wayesukwe yini lo umuntu ovele wadubula. Thina savele sabalekela ezimotweni ngesikhathi kuqhuma isibhamu.
"Sibone sekufika ama-ambulensi sekunabantu abaphuthunyiswa esibhedlela," kusho owayekhona kule ndawo ngesikhathi kuhlaselwa laba bathathu.
Amaphoyisa anxusa bonke abangaba nolwazi olungaba wusizo ukuze kutholakale umsolwa bangaxhumana namaphoyisa aphenyayo.