Pretoria – Abantu abane ababamba inkunzi babulala iphoyisa uMajor Abram Tselana, owahlaselwa ngemuva kokukhipha imali engu-R23 000 ebhange edolobheni lasePitoli, bagwetshwe iminyaka esukela kwengu-20 kuya kudilikajele.
Abathathu bagwetshwe udilikajele, kanti owesine yena ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele.
Funda nalolu daba: Siyanda isibalo sabe-ANC ababulawayo
Ababulali bakhe, uMandisa Mayezana, 25, Nkosinathi Ndlovu, 38, Zukisa Mablayi, 34, noBheki Mhlongo, 67, bonke bagwetshwa neminyaka esuka kwengu-12 kuya kwengu-15 ngaphezulu, ngecala lokubamba inkunzi, kubika iPretoria News.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.