Share

Bakhala ngoswazi oluncane kuthisha owabulala umfundi eShowe

Durban – Bakhala ngokuthi ushaywe ngoswazi oluncane uthisha waseVelangaye High School owazivumela ngokwakhe ukuthi wabulala ngokungenhloso umfundi.

Uthisha uThulani Luthuli, 27, walivuma eNkantolo yeMantshi yaseShowe icala lokubulala ngokungenhloso uMluleki Mncedisi Buthelezi, 19, owayefunda kusona lesi sikole, ngoMashi nonyaka.

ULuthuli unikezwe isigwebo seminyaka emine, emibili yalengiswa, kubika iSolezwe.

ULuthuli uthi udaba lwasuka ngesikhathi kungamaholidi okuvalwa kwezikole, ehlezi kwesinye isitolo eShowe ephuza ubhiya.

Uthi kwaqhamuka umufi ehamba nabangani bakhe wase emkhomba ngomunwe wathi “nangu lo mjita ongifundisayo”.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala uthisha nomfundi eNquthu

ULuthuli wabe esephendula ethi akayena umjita, kepha unguthisha kumufi. Uthi umufi wathi unguthisha eNkandla hhayi ngakubo eShowe.

Uthi wazama ukubamba umufi ngamawashingi, kepha waphunyula wabaleka.

Uqhuba ngokuthi umufi wabuya wamqhamukela ngemuva wase emdabula ngempama, okuyilapho acasuka khona wase emfaka izibhakela, waxolisa umufi.

Isidumbu sikamufi satholakala ngakusa budebuduze nendawo yesehlakalo ngemuva kokuthi engabuyanga ekhaya.

Umndeni kaButhelezi usigxekile kakhulu lesi sigwebo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 492 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE