Durban – Bakhala ngokuthi ushaywe ngoswazi oluncane uthisha waseVelangaye High School owazivumela ngokwakhe ukuthi wabulala ngokungenhloso umfundi.
Uthisha uThulani Luthuli, 27, walivuma eNkantolo yeMantshi yaseShowe icala lokubulala ngokungenhloso uMluleki Mncedisi Buthelezi, 19, owayefunda kusona lesi sikole, ngoMashi nonyaka.
ULuthuli unikezwe isigwebo seminyaka emine, emibili yalengiswa, kubika iSolezwe.
ULuthuli uthi udaba lwasuka ngesikhathi kungamaholidi okuvalwa kwezikole, ehlezi kwesinye isitolo eShowe ephuza ubhiya.
Uthi kwaqhamuka umufi ehamba nabangani bakhe wase emkhomba ngomunwe wathi “nangu lo mjita ongifundisayo”.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala uthisha nomfundi eNquthu
ULuthuli wabe esephendula ethi akayena umjita, kepha unguthisha kumufi. Uthi umufi wathi unguthisha eNkandla hhayi ngakubo eShowe.
Uthi wazama ukubamba umufi ngamawashingi, kepha waphunyula wabaleka.
Uqhuba ngokuthi umufi wabuya wamqhamukela ngemuva wase emdabula ngempama, okuyilapho acasuka khona wase emfaka izibhakela, waxolisa umufi.
Isidumbu sikamufi satholakala ngakusa budebuduze nendawo yesehlakalo ngemuva kokuthi engabuyanga ekhaya.
Umndeni kaButhelezi usigxekile kakhulu lesi sigwebo.