Share

Bakhishwa inyumbazane abafundi abakhonza kwelamaNazaretha eKZN

Durban - Iqale phansi impi yezinwele ezikoleni zabamnyama KwaZulu-Natal njengoba kubikwa ukuthi kunothisha abaxosha abafundi abakhonza ebandleni lamaNazaretha.

Kuthiwa lo thisha uzoshe abafundi esikoleni ngoba kuthiwa kabavunyelwe ukungena nezinwele emagcekeni ezikole futhi bakhonza inkolo yeziqhaza, abantu abangafundile.

Kuthiwa othisha bathi laba bafundi bayafeyila ngoba balibala wukuchobana nezintwala ezihlala kula mahlathi abawathwele emakhanda.  
Sekukaningana ILANGA lithola imibiko mayelana nabafundi abaxoshwa ngothisha bethi ngeke babafundise ngoba banezintwala njengoba kungakapheli nenyanga kuvulwe izikole.

Ngosuku okuvulwe ngalo izikole, kubikwe ukuthi kunabafundi abangakwazanga ukufunda eMgabadeli High School eJozini, njengoba kuthiwa bafike sebelindelwe kwathiwa kabavunyelwe ukungena nezinwele emagcekeni esikole ngoba umthetho uphambene nalokho.

Kunesimo esifanayo eManqayini Primary School naseMkhayidini High School kanye naseSivananda Secondary School eBhanganoma KwaNongoma, njengoba khona kuthiwa kunothisha ovulela isibhaxu ngisho nakothisha abangahambisani nokuhlukunyezwa kwabafundi abangamaNazaretha.

OLUNYE UDABA:Abafundi 'badakwe' bayogwazana enkonzweni

"Ngikhuluma nawe nje, ingane yami kayifuni nokulubeka esikoleni ngenxa yokuhlukunyezwa ngabantu okufanele ngabe bayayivikela.

Mdala lo mkhuba, waqala ukuba khona ezikoleni lapho othisha babeqashwa ngoba benze izifundo zeBhayibheli," kusho umzali waKwaNongoma.

Omunye uthe kuyaxaka okwenziwa ngothisha banamuhla ngoba kabazazi kwazona izifundo zeBhayibheli futhi iningi labo lazi ngenkolo eyodwa nje. Uthe laba abahlukumeza izingane baphinde bakhulume kabi ngegama likaShembe bazidonsela iziqalekiso.

"Umuntu uyoze abone abathakathi kanti uzidonsela yena amanzi abilayo. Okubuhlungu nje wukuthi laba kabanalwazi ngezinye izinkolo lapha eNingizimu Afrika. Sicela uhulumeni uyibhekisise kabanzi indaba yalaba abahlukumeza izingane zethu ngoba akukhona ukuthi singamagwala kodwa amandla siwanqindwa wukuthi siyakholwa.

UShembe akakuthandi ukulwa kodwa osukela thina nezingane zethu, uzozibonela ukuthi kuzokwenzekani kuyena," kusho umzali waseThekwini. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 952 votes
No! It's time to move on ...
33% - 465 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE