Durban - Iqale phansi impi yezinwele ezikoleni zabamnyama KwaZulu-Natal njengoba kubikwa ukuthi kunothisha abaxosha abafundi abakhonza ebandleni lamaNazaretha.
Kuthiwa lo thisha uzoshe abafundi esikoleni ngoba kuthiwa kabavunyelwe ukungena nezinwele emagcekeni ezikole futhi bakhonza inkolo yeziqhaza, abantu abangafundile.
Kuthiwa othisha bathi laba bafundi bayafeyila ngoba balibala wukuchobana nezintwala ezihlala kula mahlathi abawathwele emakhanda.
Sekukaningana ILANGA lithola imibiko mayelana nabafundi abaxoshwa ngothisha bethi ngeke babafundise ngoba banezintwala njengoba kungakapheli nenyanga kuvulwe izikole.
Ngosuku okuvulwe ngalo izikole, kubikwe ukuthi kunabafundi abangakwazanga ukufunda eMgabadeli High School eJozini, njengoba kuthiwa bafike sebelindelwe kwathiwa kabavunyelwe ukungena nezinwele emagcekeni esikole ngoba umthetho uphambene nalokho.
Kunesimo esifanayo eManqayini Primary School naseMkhayidini High School kanye naseSivananda Secondary School eBhanganoma KwaNongoma, njengoba khona kuthiwa kunothisha ovulela isibhaxu ngisho nakothisha abangahambisani nokuhlukunyezwa kwabafundi abangamaNazaretha.
OLUNYE UDABA:Abafundi 'badakwe' bayogwazana enkonzweni
"Ngikhuluma nawe nje, ingane yami kayifuni nokulubeka esikoleni ngenxa yokuhlukunyezwa ngabantu okufanele ngabe bayayivikela.
Mdala lo mkhuba, waqala ukuba khona ezikoleni lapho othisha babeqashwa ngoba benze izifundo zeBhayibheli," kusho umzali waKwaNongoma.
Omunye uthe kuyaxaka okwenziwa ngothisha banamuhla ngoba kabazazi kwazona izifundo zeBhayibheli futhi iningi labo lazi ngenkolo eyodwa nje. Uthe laba abahlukumeza izingane baphinde bakhulume kabi ngegama likaShembe bazidonsela iziqalekiso.
"Umuntu uyoze abone abathakathi kanti uzidonsela yena amanzi abilayo. Okubuhlungu nje wukuthi laba kabanalwazi ngezinye izinkolo lapha eNingizimu Afrika. Sicela uhulumeni uyibhekisise kabanzi indaba yalaba abahlukumeza izingane zethu ngoba akukhona ukuthi singamagwala kodwa amandla siwanqindwa wukuthi siyakholwa.
UShembe akakuthandi ukulwa kodwa osukela thina nezingane zethu, uzozibonela ukuthi kuzokwenzekani kuyena," kusho umzali waseThekwini.