Johannesburg – Amabhungu amane kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseSikhaleni ngoLwesithathu ngezinsolo zokuphoqa abafana abayishumi ukuba balalanbe bodwa, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Nqobile Gwala ngoLwesithathu uthe amabhungu athweswe icala lokuphoqelela ukudlwengula nelokushaya ngenhloso yokulimaza.
UGwala uthe ngeSonto, mhlaka 31 Januwari, ngezithuba zabo-11:00, izingane zazibhukuda edamini laseMadaka eMkhobosa ngesikhathi zihlaselwa ngabasolwa.
Funda nalolu daba: Owesifazane ungcwatshewe ephila eF State
Ngokwemibiko yeThe Zululand Observer, abafana abayishumi baneminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-12 ubudala.
Kuthiwa lolu daba luvele ngemuva kokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana.
Abane kubona, abaneminyaka engu-15 kuya kwengu-19 ubudala baboshwa ngamaphoyisa.
UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa koMphakathi uWeziwe Thusi, esitatimendeni, uthe unengekile yilesi sehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.