Durban – Amadoda amabili azobekwa amacala okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, kubika i-Sunday Tribune.
Lokhu kulandela ukuthi lamadoda abikele amaphoyisa ukuthi izimoto zabo zebiwe eChartwell nase Lagoon drive eDurban North.
Funda nalolu daba:Udlelwe imoto owayedlala kwiBafana Bafana
Ngosuku olulandela elokuvulwa kwamacala, lamadoda abuyela emaphoyiseni eyowavala amacala. Lamadoda atshela amaphoyisa ukuthi ayephuze kakhulu aze alibala ukuthi izimoto ayezipake kuphi.
“Umphakathi kumele wazi ukuthi isitatimende yinto efungelwe, ngeke ukwazi ukuhumbuza amanga.
“Ungabhekana nengalo yomthetho uma wenza lokhu, njengoba sekwenzeka kulawa madoda,”kusho uShooz Magudulela okhulumela amaphoyisa.