Newcastle - Kulindelejke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle namuhla (ngoMsombuluko) abantu abahlanu abasolwa ngokushushumbisa abantu.
Ekuqaleni kwenyanga amaphoyisa ophiko loKlebe ahlenga izisulu ezingu-72.
OKlebe bahlenga lezi zisulu ngemuva kokuncinzwa indlebe ngamalungu omphakathi.
OLUNYE UDABA: Badedelwe ngebheyili abadayisa ngengane
Uphenyo lwakamuva ludalule ukuthi izisulu zifike kuleli ngokungemthetho
Kukholakala ukuthi badabuka emazweni akhelene naleli; eSwazini naseLestho.
Kulindeleke ukuthi abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-25 ubudala baphinde bafake izicelo zebheyili.
- eNCA
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter