Durban – Abafana abayisihlanu abasolwa ngokudlwengula intombazane abafunda nayo esikoleni esiseThekwini kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Amagama alabafana agodliwe ukuze kuvikeleke intombazane, kubika iThe Mercury.
La bafaba zabakhalela ngesonto eledlule ngemuva kokuthi omunye wothisha ebone i-video eyayenza umzungezo, itshengisa la bafana beshintshisana ngokulala nale ntombazane, 15, wase ebikela amaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Uhlukene phakathi umphakathi ngevideo yocansi lwabafundi
Abafana abangu-10 kubona badedelelwa ezandleni zabazali ngoba basengaphansi kweminyaka.
Kukholakala ukuthi lesi sigameko senzeka izikhawu ezingaphezulu kwesisodwa, esikoleni nangaphandle.
Kubikwa ukuthi le ntombazane isifunda kwesinye isikole.
Amanye amalungu omphakathi adiniwe ngokuboshwa kwala bafana ngoba ethi le ntombazane “ixegelwa yisimilo”.