Johannesburg - Kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseSeshego abantu abathathu ababoshelwa izinsolo zokweba imithi yemali elinganiselwe kwengu-R1.2 million esikhungwni semithi ePolokwane.
Kwaboshwa izisebenzi ezintathu zomnyango; onogada ababili nomsizi wakulesi sikhungu.
Ngesonto eledlule, amaphoyisa abopha kabusha umsizi ngemuva kokuphonswa imibuzo ngokubandakanyeka kulesi sigameko aphinde amdedela.
OLUNYE UDABA: Kubhadanywe imithi engumbombayi
NgoLwesihlanu, lo msizi wavela kafushane enkantolo kulandela ukuboshwa kabusha. Imithi yatholakala emjondolo yonogada lapho babehlala khona eSpoko Park, eSeshego.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni uthe kwebiwa imithi yabaphazamiseke ngokwengqondo, eyezingane neyesifo sofuba i-TB.
Isisebenzi sakulesi sikhungo saboshelwa emsebenzini.
Amaphoyisa akholwa wukuthi isigameko siyingxenye yobugebengu obuqhubeka phakathi kulezi zikhungo eLimpopo naseGauteng.
- SABC
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter