Johannesburg - INkantolo yeMantshi yase-Escourt, KwaZulu-Natal, ilihlehlisile icala labasolwa ababhekene necala lokudla izicubu zomuntu.
Laba basolwa bazogqunywa esitokisini lize libuyele enkantolo icala labo ngomhlaka-28 kwephezulu.
Babhekene necala lokubulala nokwakha itulo lokubulala.
Oyedwa kubasolwa uzinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ethi yena usekhathele ukudla inyama yomuntu.
OLUNYE UDABA:'Kutholakale izicubu zomuntu esiswini sengwenya ebulewe'
Le ndoda yabe isinikeza amaphoyisa izicubu zomuntu; okungumlenze nesandla somuntu, njengobufakazi.
Uphenyo lwaholela amaphoyisa emzini oseRensburgdrift, lapho okutholakale khona ezinye izicubu.
Abanye abasolwa abathathu baboshelwe endaweni yaseMangwe.
Kukholakala ukuthi la madoda, adlwengula, abulala owesifazane ngaphambi kokumsika, amudle.
Amaphoyisa akholwa wukuthi la basolwa kungenzeka ukuthi sebeke baphazamisa abalele emathuneni.
- TWITTER:
A look at the house in rural #Estcourt where a traditional healer allegedly cut up and ate several victims. pic.twitter.com/DJAMRdKuIM
— Dasen Thathiah (@DasenThathiah) August 21, 2017
There are suspicions the accused also violated graves, looking for human parts. But police are still investigating. #Estcourt pic.twitter.com/1roO7iIFOq
— Dasen Thathiah (@DasenThathiah) August 21, 2017
- eNCA