Cape Town – Imibhalo kaNdunankulu waseWestern Cape, uHelen Zille, ibiseqhulwini emhlanganweni weDA odonse isikhathi esingaphezu kwamahora amane ngoLwesine nochazwa “njengobushubile futhi unokuphakama kwemimoya”.
UZille uzicelele yena ukukhuluma namalungu eDA angu-30 engxoxweni “ebidle ngokuqina futhi ivulelekile” nokuthiwa kwezinye zezikhathi bekuba “nokushuba kwesimo”, iNetwerk24 ibike kanjalo ngoLwesine.
Kuyimanje ikusasa likaZille kwezepolitiki limfiliba ngenxa yemibhalo yakhe kuTwitter, nalapho athi akusiyo yonke into embi ngenqubo yengcindezelo.
I-DA yaziqhelelanisa nale mibhalo kaZille yaphinde yadlulisela lolu daba esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe. UZille naye wabuye waxolisa ngalokhu.
OLUNYE UDABA: UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane
Amalungu amaqembu ezepolitiki awavumelekile ukuxoxa ngokushiwo kwikhokhasi ngoba kuyimfihlo.
Kodwa-ke noma kunjalo, omunye wemithombo utshele iNetwerk24 ukuthi lo mhlangano ubunesidingo kanti namaLungu ePhalamende eDA abengazibekile phansi, evula isifuba. “Wonke umuntu ubambe iqhaza. Bekuyingxoxo evulekile, enokwethembeka futhi edle ngokuqina nebibuye, ngezinye izikhathi, igutshuzelwe ukuphakama kwemimoya.
“Bekuwumhlangano obuthathelwa phezulu nalapho amalungu egcizelele khona ubungozi bezinkundla zokuxhumana, kanjalo nomthelela imibhalo kaZille kuTwitter ebe nawo kuDA ngenxa yesithombe esakhile. Abantu bakhathazekile ngokuthi ukungaboni ngaso linye kuzoba njani eqenjini.”
Elinye ilungu nalo lichaze lo mhlangano “njengobushubile, unokuphakama kwemoya futhi umuncu”. Elinye lamaLungu esiShayamthetho leDA kuthiwa lize lakhala izinyembezi.
UZille kanye nomkhulumelayo, uMichel Mpofu, abatholakalanga ukuba baphawule.