Johannesburg - Amakhamera e-CCTV aveze intombazanyana ikhuthuza izikhwama zamakhasimende amabili yaphuma nomakhalekhukhwini ezitolo ezimbili eKapa, kanti kubonakala sengathi isuke iqhutshwa ngowesifazane omdala ehamba naye.
UNick Norman uqale wasabalalisa la ma-video ekhasini lakhe likaFacebook, ngemuva kokuthi umkakhe entshontshelwe umakhalekhukhwini wakhe ekade ekwaPick 'n Pay oseBoy de Goede Circle, eParklands, eKapa, ngoLwesithathu olwedlule.
Unkosikazi kaNorman uyabonakala kwi-video yesibili, lapho esithwa ngowesifazane ngesikhathi ingane imatasa ikhipha iselula esikhwameni sakhe.
"Isikhwama sikankosikazi wami sasisenqoleni yokufaka izinto ayezithenga, sivaliwe uziphu," kusho uNorman etshela iNews24.
OLUNYE UDABA: BUKA: Owesilisa uphucwe imoto waphonswa eweni e-KZN
"Lesi sigameko senzeka ngabo-18:00, kanti umkami waze wabona ngemuva kwamahora amabili ukuthi iselula yakhe yebiwe.
"Wacabanga kahle ukuthi yini ayenzile ngalolo suku, wagcina esebuyele kwaPick 'n Pay wacela le video kwimenenja."
UNorman uvule icala esiteshini samaphoyisa eTableview, kepha akukaboshwa muntu okwamanje.
Isigameko esifanayo kusolakala ukuthi senzeka eSpar kuyona le ndawo, nalapho uNorman wakwazi ukuthola khona i-video.
"Kule video kubonakala yena lo wesifazane ehamba nengane, eyithuma ukuthi ikhuthuze ikhasimende."
Buka le video ngezansi: