Johannesburg – I-ANC isiveze ukuthi iyaxolisa ngokuhalalisela “abalingisi” efilimini emfushane ethole indodo, iMiners Shot Down, yathi kube yiphutha.
"Isitatimende senze iphutha sahalalisela “abalingisi” esikhundleni sophrojusa bale filimu,” kusho okhulumela uKhongolose uZizi Kodwa.
"Uma kukhona abathunukele ngaleli phutha, siyaxolisa kakhulu. Sesililungisile leli phutha kuzona zonke izinhlaka zokuxhumana ze-ANC.”
OLUNYE UDABA: Marikana - Umvukuzi wahlasela iphoyisa
Iqembu elibusayo lizidonsele amanzi ngomsele ngoLwesibili, ngesikhathi abanye bebuza ukuthi ngabe i-ANC ihalalisela abavukuzi abalimala na.
Lokhu kungemuva kokuthi iMiners Shot Down inqobe indondo ye-International Emmy Award.
Le filimu ikhuluma ngesigameko saseMarikana okwashona kuso abavukuzi abangu-34.