Johannesburg - Iqembu le-ANC ngoLwesithathu lizwakalise ukuthi phambilini laphakamisa ukuba iziphumo zikaMvikeli woMphakathi ngodaba lwaseNkandla kuzomele zifakelwe inselelo enkantolo ngokomthetho – uma kunesindingo – kodwa isiphakamiso sachithwa.
Iqembu elibusayo lithi okwenzeke ngoLwesibili kungukugcizelelwa kwentando yabantu.
IDemocratic Alliance ne-EFF banethemba lokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo uzovuna bona, kanye namandla kaMvikeli woMphakathi.
Funda nalolu daba: Lushe lwashona usana olushiywe lodwa emjondolo
Lamaqembu ababele enkantolo efuna ukuqinisekisa ukuthi uZuma uyayikhokha imali eyasetshenziswa kwezinye zezinto ezingenasindingo ngesikhathi kulungiswa noma kuqiniswa ezokuphepha eNkandla.
I-DA ithi ummeli kaZuma uvumile ukuthi imbiko kaMvikeli woMphakathi ungaphikiswa yinkantolo yomthetho kuphela.
Isinqumo ngalolu daba sisagodliwe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.