Cape Town – IDemocratic Alliance (DA) ithi i-African National Congress (ANC) kumele ikhombise ukuzimisela ukuze kuzokwazeka ukubhekana nenkinga yezimali ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Umholi weDA uMmusi Maimane kanye nosihlalo womkhandlu weqembu eliphikisayo uJames Selfe bakhulume nabezindaba eKapa ngabaphume nakho emhlanganweni wekomidi eliphezulu odonse izinsuku ezimbili.
Leli qembu phakathi kwezinye izinto lidingide ngokwenzakalayo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UMaimane kanye nabanye abaholi bamaqembu aphikisayo bazobanomhlangano namaphini oshansela bamanyuvesi namhlanje ebusuku.
Funda nalolu daba: Kushone abathathu kushayisana izimoto
Uthe bazodingida ngezindlela zokuxazulula izinkinga.
“Impahla engabiza izigidigidi ingacekelwa
kanjani phansi kodwa kubengathi akulona icala lokho? Kumele sikhulume
ngezokuphepha ezikhungweni zemfundo kodwa futhi kumele sikhulume nangokuthi ngeke
izinkinga zezimali zaqhubeka ngaphandle kobuholi bezombusazwe.”
UMaimane uqhube wathi izinkinga ngeke zavunyelwa ukuba ziqhubeka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.