Share

I-DA ithi uNdunankulu kumele asule ngokushona kweziguli

Johannesburg – Umholi weDA, uMmusi Maimane, usephinde wanxusa i-ANC ukuthi ixoshe uNdunankulu wesifundazwe iGauteng, uDavid Makhura, okukanye kube iyona okubhekwana nayo ngokushona kweziguli ezingaphezu kwezingu-100 eziphazamiseke ngokomqondo nezakhishwa esibhedlela iLife Esidimeni.

Ekhuluma ngesikhathi leli qembu limashela emahhovisi kaNdunankulu ngoLwesibili ekuseni, uMaimane uthe uMakhura uyena owagunyaza ukuthuthwa kwalezi ziguli zisuswa esibhedlela iLife Esidimeni, ziya ezikhungweni ezingekho ngaphansi kukahulumeni.

OLUNYE  UDABA: Inhlekelele yaseLife Esidimeni sekuyibhola lepolitiki ku-EFF, kusho i-ANC

“OMakhura benu kungenzeka ukuthi yibona ababeshayela izimoto zezidumbu ezithwele izidumbu zabantu bethu. ENingizimu Afrika, sibhikisha ngezinto eziningi, kodwa namhlanje silapha njengabahlali ababonile ukuthi abantu bethu bashonele ezandleni zahulumeni ongenandaba,” kusho uMaimane.

UMaimane uthi bazokwenza uhulumeni ka-ANC uphendule ngalokhu kushona kweziguli ngesiphakamiso “sokungabethembi ubuholi bukaMakhura, nokuphikiswane ngaso esiShayamthetho ngoLwesibili.

Leli qembu liphinde lanxusa ukuba kwenziwe uphenyo ngesiguli ngasinye esashona.

UMaimane uthi i-ANC kumele imphoqe uMakhura ukuba asule, okukanye abantu bavuke bame ngezinyawo ngobuningi babo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1102 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1182 votes
Vote
Rand - Dollar
19.19
+0.1%
Rand - Pound
23.97
-0.1%
Rand - Euro
20.57
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.50
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
912.90
+0.1%
Palladium
1,004.00
-0.1%
Gold
2,318.11
+0.1%
Silver
27.17
+0.0%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,574
0.0%
All Share
74,514
0.0%
Resource 10
60,444
0.0%
Industrial 25
104,013
0.0%
Financial 15
15,837
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE