Johannesburg – Kusolakala ukuthi ibingakulungeke ukuba semgwaqeni iveni ebandakanyeke engozini ebulale abantu kuSoutpans Road ngaseSoshanguve ePitoli, kanti yikhona lokho okungenzeka ukuba kudale ingozini.
Bayisikhombisa abantu abashonile kwalimala abayishumi ngesikhathi kushayisana iveni netekisi, kubika i-EWN.
Okhulumela abezomgwaqo uSimon Zwane uthi bathathu abantu abashonile kwabebegibele iveni kanti abanye abane bebehamba ngetekisi ngesikhathi sengozini.
Funda nalolu daba: Kushone abangu-7 kwebandakanya itekisi
UZwane uthi bobabili abashayeli bashonile kanti abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.
“Kusolakala ukuthi ingozi idalwe ukuthi iveni ibingekho sesimeni sokuba semgwaqeni. Sekuqoqiwe endaweni yesigameko kanti uphenyo luzolandela.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.