Johannesburg – Idolobha laseKapa seligxeke ukucekelwa phansi kwamabhasi eMyCiTi eJoe Slovo ngeSonto.
Ilungu lekomidi leTransport and Urban Development, uBrett Herron, uthe kuhlaselwe ibhasi leMyCiTi, ‘lihlaselwa’ yintsha, kuFreedom Way eJoe Slovo ngabo-14:00.
UHerron uthe ibhasi belisebenza ku-R261 ngesikhathi sesigameko.
Uthe akulimalanga muntu kanti nembangela yokuhlaselwa kwebhasi ibingakaziwa.
OLUNYE UDABA: Bezimasha eThekwini izitabane, zilwela amalungelo
Uthe ukucekelwa kwaphansi kwamabhasi kwenza kubenzima ukufinyelela emisebenzini, emitholampilo nasezikoleni.
Uphinde wathi imindeni ehola kancane isebenzisa cishe imali engafinyelela ku-43% yomholo kwezokuthutha, eminye ngaphezu kuka-60%.
Ngakho ukucekelwa kwamabhasi kwenza abantu bakhokhe kakhulu kwezokuthutha.