Inyuvesi yaseWits yaveza phakathi nesonto ukuthi izovula uhlelo lokuvota lapho abafundi kanye nabafundisi bazosho ukuthi kuqhutshekwe nokufunda noma ivalwe inyuvesi.
Lokhu kulandela imibhikisho enodlame yabafundi abafuna imfundo yamahhala kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe sokukhuphula imali yokufunda ngo-8% kwabadla elikapondo.
Some of the responses to #WitsPoll that we've seen. pic.twitter.com/hEqRNazlTb
— The Daily VOX (@thedailyvox) September 29, 2016
OLUNYE UDABA:Bazoxoshwa abafundi base-Wits abalimaze impahla yesikole beteleka
Balinganiselwa ku-21730 abantu ababambe iqhaza ekuvoteni, abangu-16 739 bathi akubuyelwe emakilasini kufundwe, kodwa abangu-4991 bathi basafuna ukuyigxoba, kubika iCitizen.
At least 77% of students at Wits have voted to return to class on Monday https://t.co/6TRYZrNvPn | #WitsReferendum #WitsPoll
— Mail & Guardian (@mailandguardian) September 30, 2016