Bulawayo - Usana lungene ebhakedeni elinamanzi lwashona ngoMsombuluko endaweni yaseNtumbane, kwaBulawayo, eZimbabwe.
UBrighton Mbaiwa ononyaka owodwa ubudala, obeshiywe endlini egadwe yisisebenzi, ushone ngesikhathi isisebenzi simatasa siwasha.
Okhulumela amaphoyisa akwaBulawayo u-Inspector Precious Simango uthe baqalise uphenyo ngemuva kokushona kwengane.
Funda nalolu daba: Owashisa umuzi kanina usesolwa ngokumbulala
Unxuse amalungu omphakathi ukuba aqaphe izingane ngeso lokhozi,kubika iMyZimbabwe.
Uthe nakuba lena kubeyingozi, abazali kanye nesisebenzi bazoboshwa ngecala lobudedengu. Umthombo uthe: “Isisebenzi singene endlini sashiya ingane idlala ngaphandle lapho besiwasha khona izingubo. Ngesikhathi sesibuya ingane ibisigene ebhakedeni elinamanzi ngekhanda.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.