Johannesburg – USekela Mengameli uCyril Ramaphosa uthi iNingizimu Afrika, enesibalo esiphezulu kunawo wonke amanye amazwe emhlabeni sokwelaphela i-HIV/Aids, iyisibonelo sokuthi izwe lizimisele kangakanani ukuqeda ngalo bhubhane.
Ukusho lokhu njengoba namhlanje kubungazwa iWorld Aids Day.
Babalelwa ngaphezulu kuka-3 million abantu abadla ama-ARVs kuleli, kepha iHhovisi likaMengameli lithi kusekuningi okumele kwenziwe ukuze kwehle isibalo sabantu abesulelekayo.
URamaphosa ube usenxusa abantu bakuleli ukuthi baqhubeke bathuthukise umsebenzi osuwenziwe mayelana nengculazi nesandulela sayo.
OLUNYE UDABA: 'Sebezohlala izinyanga ezintathu abane-HIV'
Uthi imikhankaso eqhutshwa emiphakathini yasiza kakhulu ekutheni bangasakhishwa inyumbazane abaphila nalesi sifo.
Ongoti nokho sebezwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwesibalo sabantu abesuleleka ngalo bhubhane.
Umbiko uthi siphezulu kakhulu isibalo samantombazane aphakathi kweminyaka engu-15 no-19 ubudala abesuleleka ngalesi sifo.