Pretoria - Ukuhlanza umjondolo wakhe bekuwumsebenzi olula kuXoliswa Ndamoyi, 24, wase-Erasmus, eTshwane.
Kodwa ubengakulindele akuthole ngaphansi kombhede ngesikhathi eklina indlu yakhe ngoLwesibili, njengoba ethole umdlezane obushile, unuka ugcwele nezimpukane yonke indawo.
Inja yakhe, uDanger, ibuye nawo ngaphandle yazowubeka ngaphansi kombhede wakhe.
Uthi uqale wacabanga ukuthi uyaphupha.
“Ngihambe ngayolanda umshanelo ukuze ngiyiphendule lento.”
Fund analolu daba: Kutholakale usane selushonile, lulahlwe nemfucuza
“Ngibone ikhanda elincane kanjalo nezandla. Ngicishe ngaquleka.”
Uthi ubize omakhelwane, bqzombonisa le mihlola.
“Ngifonele nomyeni wami obize amaphoyisa.”
“Umphakathi ufuna ukwazi ukuthi ubani owenze lento.”
Inja ithathwe abakwa-SPCA kanti isikhulumi sakhona, uMeshack Matlou, utshele iDaily Sun ukuthi izogcinwa yibona okwamanje.
Okhulumela amaphoyisa aseMabopane uCaptain Rheineth Motlana uthe kuvulwe icala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.