Johannesburg - Kushe kwangqongqa inqwaba yemijondolo yaseKys Sands, enyakatho neGoli.
Isakhamuzi uBheki Sibisi uthe umpphakathi uyazama ukukhoselisa omakhelwane abashelwe yimijondolo.
OLUNYE UDABA: Kushe imijondolo eThekwini
"Lo mlilo uqale ngezithuba zabo-23:00 ebusuku. Sizwe abantu bebemeza saphuma siyobheka ukuthi kuqhubekani. Sazama ukuwubhula. Njengamanje sizama ukusiza labo abalahlekelwe. Manje bahlezi emgwaqeni," kusho uSibisi.
Ngaphambilini kule nyanga imindeni ebalelwa kwenguu-300 yasaladengwane ngesikhathi kusha, kubika i-SABC.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho