Share

Isakhamuzi saseThekwini sibulale isigebengu ebesihlome ngepiki

Durban - Indoda eyisakhamuzi saseSydenham, eTheklwini idubule yabulala osolwa ngokuba yisisgebengu esiyihlasele ngepiki ngoMsombuluko ebusuku.

Lesi sehlakalo esenzeke emzini okuSpencer Road.

Ngokusho komthombo wamaphoyisa kulesi sigameko bekukhona izingane ezimbili ezincane ngesikhathi amadoda amahlanu abehlomile engena kulo muzi.

"Lezi zingane yizo ezibone izigebengu kuqala zase zimemeza. Ngesikhathi ubaba wazo ezizwa kuzwakale ukuthi lo baba ugijime wayothatha isibhamu sakhe," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA:Kubulawe isigebengu kudutshulwana namaphoyisa eThekwini

"Lo baba ushaywe ekhanda ngepiki kodwa wakwazi ukudubula amahlanza ambalwa ebhekise kulesi sigebengu."

Le sisigebengu sidubuleke ekhanda salimala sashonela endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe zonke izigebengu bezihlomile.

"Ngesikhathi zingaphakathi kulomuzi isisulu sivulele ngenhlamvu sabulala indoda eyodwa. Abasolwa badubula nabo kwase kudutshulwana kwalimala unkosikazi wesisulu onyaweni," usho njalo.

"Abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lweMercedes Benz ebipake ngaphandle kwalo muzi. Akukakaboshwa muntu," kusho uZwane.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 423 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 897 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE