Johannesburg - Owamaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service, uLieutenant-General Bonang Mgwenya, uxwayisa bonke labo abazokwephula umithetho ngosuku lokwethulwa kwenkulumo yesizwe i-State of the Nation Address (SONA) wathi isandla sizoqina, ekhuluma nekomidi lamaphoyisa ephalamende.
Kulindeleke ukuba uMengameli Jacob Zuma ethule inkulumo yesizwe ePhalamende ngoLwesine ntambama.
OLUNYE UDABA:UZuma uphuze itiye nezicukuthwane azimeme kwi-SONA
Ngonyaka ophelile amalungu eqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters(EFF) akhishwa ngemuva kokuphazamisa inkulumo ebhekiswe esizweni.
Kulo nyaka la malungu afunge agomela ngokuthi azophinda akwenza akwenza ngonyaka ophelile.
UMgwenya uthe amaphoyisa ahlosa ukwenza indawo iphephe uma sekuqhubeka inkulumo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter