Johannesburg - Indoda engakahlonzwa ilimale kanzima esifubeni nasesiswini ngemuva kokuhlaselwa yinyathi endaweni yaseHoedspruit, eLimpopo.
Abosizo lokuqala iGES Medical baphuthume ndaweni yesigqameko ngoLwesine, kubika iLetaba Herald.
OLUNYE UDABA: Ibulawe yinyathi indoda eLimpopo
Isisulu sixilongwe endaweni yesigameko sasesiphuthunyiswa emtholampilo iHoedspruit.
Ngokusho kwabe GES Medical kudingeke ukuba le ndoda iphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlabeni njengoba isimo sayo besingesihle. Njengamanje isesimeni esikahle kodwa esingagculisi esibhedlela sasePolokwane.
Akukakacaai ukuthi yini eholele ukuthi le nyathi ihlasele le ndoda, kubika iThe Citizen.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter