Johannesburg – Owesifazane ogwazwe wabulawa esemzini wakhe okuCommissioner Street eKempton Park utholakale nemimese emningi emzimbeni wakhe, kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring ngoLwesibili.
UMeiring uthe owesifazane ugwazwe ngoMsombuluko ebusuku.
Abosizo lokuqala babikelwe ngamalungu omphakathi ngesigameko kanti bona bafike endaweni yesehlakalo ngezithuba zabo-23:00.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe 5 wabantu ngezehlakalo zaseJeppestown
"Kuthe uma befika, abosizo lokuqala bakwa-ER24 bakhonjiswa yiziphathimadla igumbi lokulala, nokuyilapho isidumbu sowesifazane sitholakale khona sidindilize embhedeni, izandla ziboshiwe,” kusho uMeiring.
UMeiring uthe owesifazane bamhlolile, kwatholakala ukuthi ubenamanxeba amaningi okugwazwa futhi engasaphefumuli.
Imimese eminingi itholakale isasemzimbeni wakhe, kusho umbiko.
Amaphoyisa asathungatha isoka lakhe elineminyaka engu-29 ubudala, okuthiwa lisagcwele izinkalo.
- ANA