Newcastle - Umsolwa uboshwe ngemuva kokubonakala ehamba ngemoto okusolakala ukuthi uyithenge ngemali eyebe emzini womqashi wakhe.
Kuthiwa umqashi wayebeke imali engango-R300 000 kwi-safe ngoba ongela ukuthenga imoto ngaphandle kwesikweletu.
Umngani wesisulu esingafunanga igama lakhe llidalulwe utshele abeNewcastle advertiser ukuthi le mali yebiwa umsolwa kanye nesoka lakhe.
OLUNYE UDABA:Kubulewe isisebenzi sasendlini sivikela umqashi
“Umngani wami wayebeka imali efuna ukuthenga imoto. Uthi wagcina ngokuyifaka kwi-Safe ngoLwesibili ntambama, ngoLwesithathu ekuseni umakhe uma ethi uyoyibheka wathola kungenalutho,” kusho umngani.
Laba bashayela amaphoyisa babhala nasezinkundleni zokuxhumana ngesisebenzi sabo esesinyamalele.
Ngemuva kwesikhathi bezwa ngabantu ukuthi isisebenzi kanye nesoka bathenga imoto entsha e-Ermelo. Laba babanjwa egumbini labo eVolksrust kugcwele igiloza kanye nemali engango-R180 000.