Thembisa - Balinganiselwa ku-23 abantu abaphuthunyiswe esibhedlela kuguguleka uphehla wenxanxathela yezitolo eThembisa.
Ngokusho kwabosizo lokuqala kusanabantu abavaleleke ePhumlani Mall njengoba isimo sezulu sisasesibi.
OLUNYE UDABA:Umonakalo kuhlasela isishingishane eGoli
Ama-ambulensi kanye nezinye izimoto zilimale kabi ngesikhathi lesi sishingishane sidlula esibhedlela saseThembisa.
Okhulumela umnyango wezempilo uSteve Mabona uthe: " Singaqinisekisa ukuthi kudaleke umonakalo omkhulu esibhedlela ngenxa yalesi simo kodwa isakhiwo esilimele kakhulu ilesi esiseduze nesibhedlela kodwa ayikakabikho imbiko yokulimala kwabantu khona.
#Tembisa Severe storm results in structural damage, 3 injured. #Tornado https://t.co/loqS4U6n4u pic.twitter.com/UoMElEVErT
— ER24 EMS (Pty) Ltd. (@ER24EMS) July 26, 2016