Pretoria - Kuthiwa ubezama ukuzibulala owesilisa uziphonse phansi esuka esitezi sesine efulethini elisedolobheni ePitoli.
Ngokusho kukanogada wakule ndawo, uKenneth Tebogo Kekana, lokhu kwenzeke efulethini elihlala abafundi basenyuvesi i-Foundation elikuMadiba Road ekuseni ngehora lesithupha.
“Lo mlisa ubemi esitezi sesine, futhi ngicabanga ukuthi ubedakiwe ngoba ubengekho ezingqondweni uma umbuka," kusho umthombo..
Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iRekord East lo mlisa ugxume esuka esitezi sesine waphelela kwi-balcony engezansi.
OLUNYE UDABA:Ushonile umfana, 3, osacazeke phansi esuka esitezi efulethini
Omunye unogada, ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthi akakholwa ukuthi lo mlisa ubezama ukuzibulala.
“Ukube ubezama ngempela ukuzibulala besizomthola eseshonile noma elimele,” kusho lo nogada.
Abezimo zokuqala abafike kule ndawo, bathola lo mlisa engalimele ndawo.
NEWSFLASH: Man allegedly tries to commit suicide in CBD >https://t.co/LQkNIXoP2d @dudufatso @SAPoliceService pic.twitter.com/zk3hKXren2
— Pretoria Rekord (@RekordNewspaper) June 27, 2017